UNtabay’hlangani Simelane waseMthwalume ufisa umculo wakhe ufinyelele yonke S.A

SHEILA MHLONGO

Ngine album ephume kulonyaka esihloko sithi: ‘wanginikela ngenja.’  Izinhlelo zami kulonyaka ukuthi ngikhiphe enye i-album yesibili futhi ifinyelele kuyona yonke indawo Album enginayo ngiyenze eThekwini GMD Studio ngisebenze nobhuti Sizwe Gumede, no Mude Mude nomculi we Gospel uSthembiso Thwala.

Kokulandelayo ngifisa ukusebenza nama-artist avule izandla ekwamukeleni ukuba sisebenze ndawonye angeke ngadalula amagama ngoba ikusasa alaziwa. Abalandeli bami ngibathembisa okukhulu kulonyaka ngoba ngo-October ngizobe ngibethulela album entsha. Umculo wami ‘Ntabay’hlangani’ uyatholakala ku-Apple music, ITunes, Tik tok, Spotify, YouTube, Facebook kanye nakwezinye izindawo. Imininingwane yami  kwabafisa nokulekelela ngakho ngiyatholakala WhatsApp / Calls:  079 2380 412, Facebook:  ntabayhlangani Emthwalume naku  TikTok: ntabayhlangani.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *