USbusiso ‘Maqhuzu’ Jamela ucela nimuphe lonke uxhaso akalutho ngaphandle kwabalandeli  bomculo

SHEILA MHLONGO

Engifisa ukukwenza ukuthi abahleli bemicimbi bangiqashe  kanti  ngiqale ukucula ngo-2014 ngaqala ukuzimela ngedwa ngo-2022. Kulonyaka  ngifisa ukuthi umculo wami  waziwe yonke indawo nokuthi ngicela abahleli bemicimbi nelami igama bengalilibali nokuba ngisamusha endimeni kepha ngicela ukuzibona nami ngithuthuka kulomculo ngokuthola isaphothi kubantu bakithi.

Umculi engingakuthokozela ukucula nanye ngenyimini inkosi uma ihlela ubhuti omncane i-2K Lazwelonke uMjolisi kanti koProducer ubhuti uThuthani. Izifundo  engizifundile ukuthi kubalulekile ukuthi wazane nabantu ngoba yibona abakukhuphulayo. Ngifisa abalandeli ukuthi banginike ithuba lokungilalela  sengikhiphe ama-Album amabili nama Single amathathu enye yawo ithi: AMATHWASA FT SKEY  SENSIMBI-Emhlane wesangoma.

Izingoma  zami azikatholakali online ngenxa yokuthi ngiRecord estudio esincane futhi nami angikabi nayo imali yokuya ezitudio ezinkulu  ofisa ukuxhumana nami : WhatsApp/ Call7.071 916 5086 naku Facebook:  Sbusiso Maqhuzu Omakoya EzikaMaqhuzu.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *