UCelimpilo Nzuza ufisa umculo wakhe  ufinyelele kubantu emhlabeni wonke

SHEILA MHLONGO

Ngifisa ukuba umculo wami ufinyelele kubantu kumagumbi amane onke omhlaba kungagcini lapho kwanami uqobo ngiye ngifinyelele phambi kwamehlo abo sidumise sonke. Izinhlelo zami ukuba ngibonise abanye abaculi abasafufusa ikakhulukazi labo abacula emigwaqweni ukuthi iyiphi indlela mina engasizakala kuyo ukuba umculo wami uvele ukwazi nokudlalwa emisakazweni, ngiphinde ngeluleke abantwana abancane abasafuna ukungena kulendima ngobuhle kanye nobunzima bayo.

Ngingakujabulela kakhulu ukusebenza nabaculi abafana noMthandeni nokuthi  umsebenzi wami ngiwenzelwe u-Producer  uSamukelo Hlatshwayo. Kuleminyaka ngikhona endimeni  ngifunde ukuthi empilweni zethembe nanoma yikuphi ofisa ukukwenza ungalinyazwa yimibono yabanye abantu engemihle ngokufisayo, Nokuthi ukuzithoba uzijwayeze ukuxhumana nabantu abakulendima oyifisayo ukuze uzothola ulwazi oluyilo, kanti nokungabeki izinkinga zakho phambi kwakho kodwa ukhethe ukulwela impumelelo, nokuzifundisa ukuthandaza ukuze kuqaqeke  izilingo nezibopho ezisendleleni.

Kulonyaka ngizimele kakhulu ngokukhipha izingoma ezizokwazi ukubhekana nesimo umuntu asuke ebhekene naso ngaleso sikhathi ngakube esosizi noma esenjabulo. Abalandeli bami bangawuthola umculo wami kuma Digital Stores,  YouTube, Spotify, Amazon etc . Singaxhumana WhatsApp / Call: 083 483 4610, Email: nzuzacelimpilo40@gmail.com, Facebook: Celimpilo B,  Tiktok: Celimpilo B naku Instagram: Celimpilo B Nzuza.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *