Umndeni wakwaMkhize ucela usizo ngemuva kokusha kwesakhiwo sabo eMlazi

ONGEZIWE  NTONDINI

Umndeni wakwaMkhize eMlazi, endaweni yakwa-E, ucelile ukulekelelwa ngemuva kokusha kwekhaya labo elincane elaliwu 2 rooms ngenyanga kaMashi kulonyaka. Leli khaya beliyindawo abahlala kuyo amalungu omndeni alinganiselwa kwabayi-10, okuhlanganisa nesalukazi esineminyaka engu-92, esingasaboni kahle ngenxa yezinkinga zamehlo kanye namadodakazi aso amadala.

Isalukazi, ngokusho kwendodakazi yaso  besilokhu silindele i-wheelchair kusukela ngo-2021 ngenxa yokuhamba okunzima. “Besicela izimoto nsuku zonke ukuthi zisize uma siya emitholampilo  ngoba kade kunzima impela  kodwa ekugcineni sisanda kuyithola i-wheelchair,” kusho indodakazi yaso.

Okudabukisayo  ngesikhathi kusha leli khaya, kwashabalala konke  kuhlanganisa nezitifiketi zokuzalwa zezingane kanye nama-ID. Lokhu sekuvulele umndeni enye inselelo enkulu njengoba izingane zingakwazi ukubhaliswa esikoleni kanye nemali ye qolo ngaphandle kwalezi zifakazelo.

Umndeni uthi ucela umphakathi, izinhlangano ezizimele kanye nohulumeni ukuba ubasize ekutholeni ikhaya elifanele nelifudumele lapho bengahlala khona ngokukhululeka kanye nokubuyiselwa kwemibhalo yabo esemthethweni ukuze izingane zikwazi ukuqhubeka nezifundo.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *