UMasipala weTheku ugubhe usuku lwabasebenzi bakahulumeni  nemiphakathi yaseThusong

SHEILA MHLONGO

UMasipala weTheku ugubhe nomphakathi waseThusong usuku lwabasebenzi bakahulumeni, ngosuku lwesibili lwemigubho yeThusong Week, abasebenzi bakaMasipala  bebephume ngobuningi ngenhloso yokuyokwazisa umphakathi ngezinhlelo  ezitholakala ezikhungweni zosizo lwamakhasimende.

Leli Sonto ligujwe ngabasebenzi  bakahulumeni kuzwelonke lapho besuke bazisa khona umphakathi ngazo zonke izinsiza ezitholakala eminyangweni kahulumeni. Elinye lamathimba livakashele ikhaya labantu abadala iKuhle Konke Love and Care ukuyochitha isikhathi nabantu abadala. Elinye ithimba lona livakashele isikole iMnganiwakhe lafike lachazela abafundi ngezinsiza ezitholakala esikhungweni i-Archie Gumede, eClermont.

Bekukhona neloli loMnyango wezaseKhaya  eThusong Centre yaseMnini ukuhlinzeka umphakathi ngezidingo. UMasipala weTheku unamaThusong  Centre  amabili.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *