UNdunankulu uNtuli wamukeleutshalomali lakwaToyota oluzothuthukisa imisebenzi e-KZN

ESITHOMBENI- Ngesikhathi bevakashele kule mboni, uNdunankulu uNtuli  kanye neMeya yeTheku ukhanslela Cyril Xaba nethimba lakhe babuke umugqa omusha wokukhiqiza izimoto zakwaToyota Hilux nezakwaToyota T-Cross.

SHEILA MHLONGO

UNdunankulu waKwaZulu-Natal, uMhlonishwa uThamsanqa Ntuli, ehambisana noNgqongqoshe Wezohwebo, Izimboni Nokuncintisana, uMhlonishwa uParks Tau, uNgqongqoshe Wezokuthuthukiswa Komnotho, Ezokuvakasha Nezemvelo KwaZulu-Natal, uMfundisi Musa Zondi, kanye neMeya yeTheku, uKhansela Cyril Xaba, bavakashele imboni yakwaToyota e-Isipingo, eProspecton, ngoLwesine, mhla ziyi-16 kuNtulikazi 2026.

Lokhu kuvakasha bekuyingxenye yemizamo yokuqhakambisa indima ekhulayo yaKwaZulu-Natal njengesizinda esibalulekile sokukhiqizwa kwezimoto, ukuthuthukiswa kwezimboni kanye nokutshalwa kwezimali.

Ngesikhathi bevakashele kule mboni, uNdunankulu uNtuli nethimba lakhe babuke umugqa omusha wokukhiqiza izimoto zakwaToyota Hilux nezakwaToyota T-Cross.

UNdunankulu uzwakalise ukubonga kwakhe ngomsebenzi owenziwa kulesi sikhungo, waveza ukuthi ukuqhubeka kwenkampani yakwaToyota nokutshala imali KwaZulu-Natal kunegalelo elikhulu ekudalweni kwamathuba emisebenzi, ekuthuthukisweni kwamakhono, ekukhuleni kwezimboni kanye nasekuthuthukisweni komnotho wesifundazwe wonkana.

UNdunankulu uNtuli ukujabulele kakhulu ukuhlangana nentsha eyaqeqeshwa eJapan, eyabelane ngolwazi eyaluthola kwezokukhiqizwa kwezimoto ngobuchwepheshe besimanje. Uthe ukuthola kwayo amakhono aphesheya kanye nokujwayelana namazinga okukhiqiza omhlaba kukhombisa ukubaluleka kokutshala imali entsheni nokuyilungiselela ikusasa lezomsebenzi.

UNdunankulu uthe umkhakha wezimoto usalokhu unegalelo elibalulekile ekukhuleni komnotho nasekuthuthukisweni kwezimboni. Wengeze ngokuthi ukubambisana phakathi kukahulumeni, izinkampani nezikhungo zokuqeqesha kubalulekile ekuqinisekiseni ukuthi intsha ihlonyiswa ngamakhono adingwa umnotho wesimanje.

UMengameli uCyril Ramaphosa bekulindeleke ukuba ethule inkulumo yosuku, kodwa akakwazanga ukuhambela lo mcimbi ngenxa yomsebenzi omningi obhekene nehhovisi lakhe. UNgqongqoshe uParks Tau wethule inkulumo yosuku egameni likaMengameli.

Lokhu kuvakasha kuphinde kwaqinisekisa ukuzibophezela kukahulumeni ekwesekeni ukutshalwa kwezimali, ekuqiniseni ukukhiqizwa kwempahla ngaphakathi ezweni, ekukhuthazeni ukudluliselwa kwamakhono nasekubekeni iKwaZulu-Natal njengendawo encintisanayo nefanele ukuthuthukiswa kwezimboni.

UNdunankulu uNtuli uthe uHulumeni wesiFundazwe uzoqhubeka nokusebenzisana noHulumeni kaZwelonke, omasipala kanye nezinkampani ezizimele ukuze kwakhiwe isimo esivumela ukutshalwa kwezimali, ukwakhiwa kwamathuba emisebenzi kanye nokukhula komnotho okubandakanya wonke umuntu.

SHEILA MHLONGO
Author: SHEILA MHLONGO

Joyina Umndeni Wethu

We don’t spam! Read our privacy policy for more info.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *