
“I-Totalsports Women’s Race yaseThekwini iphinde yaba yimpumelelo enkulu kuzo zonke izinhlangothi.
SHEILA MHLONGO
Ngemuva kweminyaka elwela lokhu, umsubathi waseLesotho ophethe irekhodi lezwe lakhe, uNeheng Khatala, unqobe okokuqala emjahweni iTotalsports Women’s Race obuseThekwini ngeSonto, mhla zi-2 Agasti 2026, ngesikhathi esiyimizuzu engama-32:06.
“Ngijabule kakhulu ngokuba yingxenye yalo mjaho namuhla,” kusho uKhatala ejabule kakhulu. “Lona kube unyaka omuhle kimina. Umjaho ubumnandi futhi umzila uyashesha. Sizamile ukukhuphula ijubane, kodwa ngeshwa umoya wenza kwaba nzima. Abesifazane bebegijima ngamandla kakhulu, ngakho siligcinile ijubane sindawonye. Lapho sesifinyelele ebangeni elingamakhilomitha amahlanu, ngibe sengazi ukuthi ngizowunqoba lo mjaho.
“Ngibonga kakhulu futhi ngiyabajabulela nabanye besifazane. Ukuwina kuhlale kusengqondweni yami. Njengomsubathi, kufanele uhlale uhlose ukunqoba. Uma kungenzeki, akusho lutho, kodwa kufanele uhlale uqinile ngokomqondo futhi uqhubeke nokulwela ukunqoba noma ukuthola indawo engcono kakhulu ongakwazi ukuyifinyelela.”
Uqhube wathi: “Ukuba ngowokuqala ukweqa entanjeni namuhla kusho lukhulu kimina. ITheku yilapho engabeka khona irekhodi lezwe lami. Angikwazanga ukulifinyelela namuhla, kodwa ngicabanga ukuthi ukube bekungewona umoya, bengizogijima ngesivinini esikhulu. Ngiyawuthanda lo mjaho. Abahleli basinakekela kahle kakhulu, umcimbi uhlelwe ngendlela encomekayo futhi konke kuhamba kahle kakhulu.”
U-Emma Pallant-Browne waseGreat Britain ungene endaweni yesibili, kwathi uFriday Ndinda waseKenya wathatha indawo yesithathu.
“I-Totalsports Women’s Race yaseThekwini iphinde yaba yimpumelelo enkulu kuzo zonke izinhlangothi. Sibone abasubathi bethu abavelele benza kahle kakhulu, kanti izinkulungwane zabesifazane zigijime emigwaqweni zihambisana nemindeni nabangani bazo, zibungaza ukuqala kweNyanga Yabesifazane esimweni esijabulisayo nesikhuthazayo,” kusho uMichael Meyer, onguMqondisi Ophethe weStillwater Sports.
“Kuyajabulisa kakhulu ukubona abagijimi beminyaka ehlukahlukene nabamazinga ahlukahlukene bekhombisa ukuwuthakasela lo mcimbi, kungakhathalekile ukuthi bebelwela ukungena ezindaweni eziphezulu, ukushaya amarekhodi abo noma bezijabulela nje ndawonye.
“Sithanda ukudlulisa ukubonga kwethu okujulile kwaTotalsports, kubaxhasi bethu ababalulekile, kozakwethu, kubo bonke ababengenele umjaho, emalungwini emindeni, kubangani nakubalandeli. Ukwesekwa kwabo okuqhubekayo kusenza sikwazi ukuhlela umcimbi ongagcini nje ngokukhombisa izinga eliphezulu lokugijima, kodwa ophinde ukhuthaze imiphakathi ukuba iphile impilo enempilo nenokuzivocavoca.
“ITheku selibeke isisekelo somgubho weNyanga Yabesifazane ozohlala ukhumbuleka. Sibheke ngabomvu ukuqhubekisela la mandla amangalisayo nomoya omuhle eMother City, lapho iTotalsports Women’s Race izoba seKapa ngeSonto, mhla ziyisi-9 kuNcwaba, bese ilandelwa yiTotalsports Women’s Race eGoli ngeSonto, mhla ziyi-16 kuNcwaba 2026.”
Ngokusho kukaNikki Crous, oyiNhloko Yezokumaketha kwaTotalsports, umjaho waseThekwini ube yindlela ekahle yokuqala iNyanga Yabesifazane, njengoba uhlanganise izinkulungwane zabesifazane ukuze zibungaze impilo, ukuhlonyiswa kwabesifazane nobumbano lomphakathi.
“ITheku lisingathe ngempumelelo enkulu iTotalsports Women’s Race, kwabonakala imiphumela emihle kakhulu evela kubasubathi bethu abavelele, kanye nomoya ovuthayo nowenjabulo owadalwa izinkulungwane zababambe iqhaza.
“Kuhlale kukhuthaza ukubona abesifazane beminyaka ehlukene namazinga ahlukene okuqina komzimba behlangana ukuze bagubhe impilo, ukuhlonyiswa kwabesifazane kanye nenjabulo yokunyakazisa umzimba.
“Sibonga kakhulu bonke abagijimi, abaxhasi, amavolontiya nozakwethu, okuthe uthando, ukuzinikela nokweseka kwabo kwenza lolu suku lwaba impumelelo enkulu. Sibheke ngabomvu ukwamukela wonke umuntu futhi ngonyaka ozayo komunye umjaho weTotalsports Women’s Race ongeke ulibaleke.”
IMINININGWANE YOMCIMBI: I-TOTALSPORTS WOMEN’S RACE KA-2026
1. NgeSonto, mhla zi-2 kuNcwaba 2026
Umjaho: ITotalsports Women’s Race eThekwini
Umnqobi: UNeheng Khatala waseLesotho
Isikhathi: 32:06
2. NgeSonto, mhla ziyisi-9 kuNcwaba 2026
Umjaho: ITotalsports Women’s Race eKapa
Izindawo okusukwa kuzo:
- Umjaho wamakhilomitha ayi-10: Darling Street, eKapa
- Umjaho wamakhilomitha amahlanu: Castle Street
Indawo okuphethwa kuyo: Grand Parade, eKapa
3. NgeSonto, mhla ziyi-16 kuNcwaba 2026
Umjaho: ITotalsports Women’s Race eGoli
Indawo okusukwa kuyo: Ezimpambanweni zika-Orange Road noBuffalo Road, eMarks Park
Indawo okuphethwa kuyo: Ezimpambanweni zika-Orange Road noBuffalo Road, eMarks Park
Umculi waseNingizimu Afrika odumile, uBusiswa
Lo mculi waseNingizimu Afrika onamandla, uBusiswa, odume ngokushisa izikhotha emicimbini nangamaculo akhe ahamba phambili ezinhlotsheni zomculo okubalwa kuzo iKwaito, iHouse, iGqom, i-Amapiano ne-Afropop, uzonandisa bukhoma emijahweni yeTotalsports Women’s Race.
Usenandise eThekwini ngeSonto, mhla zi-2 kuAgast, eKapa ngeSonto, mhla ziyisi-9 ku-Agasti, naseGoli ngeSonto, mhla ziyi-16 kuAgasti 2026. Lokhu kuzoqinisekisa ukuthi ababambe iqhaza nabalandeli bajabulela usuku lomjaho olungeke lulibaleke, emzileni nangaphandle kwawo.
UKWESEKWA KWENHLANGANO ESIZA UMPHAKATHI
ITotalsports Women’s Race iyaziqhenya ngokweseka iPinkDrive, okuyinkampani engenzi nzuzo ezinikele ekwandiseni ukuqwashisa ngomdlavuza webele, ukuhlinzeka ngemfundo kanye nokuhlinzeka ngezinsiza zamahhala kubantu baseNingizimu Afrika abangenawo umshwalense wezempilo.
Like amakhasi ethu kuFacebook: Women’s Race / The PinkDrive
Silandele ku-Instagram: Women’s Race / PinkDrive
Ama-hashtag: #Totalsports #TotalsportsWomensRace #LoveTheRun #PinkDrive
Inombolo ye-WhatsApp: 064 815 4116
Ukuze uthole imininingwane eyengeziwe ngePinkDrive, vakashela ku-www.pinkdrive.org.
Ukuze uthole imininingwane eyengeziwe ngeTotalsports Women’s Race, vakashela ku-www.totalsportswomensrace.co.za.

