Izinguquko kwezamakhono zizohlala ziyiphupho uma abafundi bengakhethi ama kolishi ama TVET-Dube-Ncube

IPhini likaNgqongqoshe wezeMfundo yamaBanga AphakemeuDktl. Nomusa Dube ekanye nezikhulu zekolishi bethula uhlelo lwamakhono

 SHEILA MHLONGO

Isimemezelo sokuba kube nezinguquko kwezamakhono eNingizimu Afrika zizohlala ziyiphupho uma abafundi bengakhuthazwa ngenkuthalo ukuthi babhalise emaKolishi e-Technical and Vocational Education and Training (TVET) nakwezinye izikhungo zemfundo zangemva kwesikole.

Lokhu kushiwo yiPhini likaNgqongqoshe weMfundo Ephakeme Nokuqeqeshwa, uDkt. Nomusa Dube-Ncube, ngesikhathi ethula inkulumo emcimbini wokwethulwa kweSikhungo Sokuqeqesha Izingcweti Nokuthuthukisa Amakhono eKolishi i-Elangeni TVET eNchanga, entshonalanga yeTheku, ngoLwesihlanu.

UDube-Ncube unxuse ukuthi kube nemizamo emisha evela kuhulumeni, emiphakathini, embonini nakwabathintekayo kwezemfundo ukuze kuphakanyiswe isithunzi semfundo yokwennza ngezandla futhi kuqinisekiswe ukuthi ukuthuthukiswa kwamakhono kuholela emathubeni omnotho anenzuzo.

“NgoLwesine lomhlaka 19 Juni, embukisweni wemisebenzi eNdwendwe, ngesikhathi ngixhumana nabafundi bemfundo eyisisekelo, ngibone iqiniso lokuthi amaKolishi e-TVET awakathandwa ngabafundi bethu,” kusho uDube-Ncube.

IPhini likaNgqongqoshe lithe ikusasa lomnotho waseNingizimu Afrika lincike ekwakheni uchungechunge oluqinile lwamakhono oluhambisana nezidingo zezwe kwezokukhiqiza, ingqalasizinda kanye nokuthuthukiswa komnotho.

Ligcizelele ukuthi ukutshalwa kwezimali ezikhungweni zokuthuthukisa amakhono kufanele kuhambisane nemizamo yokudonsa abafundi nokwenza izikhungo zifeze umsebenzi ezawusungulelwa wona.

“Sinomthwalo wemfanelo wokuqinisekisa ukuthi imali kanye nokutshalwa kwezimali kwingqalasizinda yezikhungo ezifana nale azichitheki ize. Sidinga leli Kolishi le-TVET lisebenzise umsebenzi elihloselwe wona, futhi sithemba ukuthi wonke amaKolishi e-TVET ezweni azolandela lesi sibonelo,” kusho iPhini likaNgqongqoshe.

UDube-Ncube uchaze ukwethulwa kweSikhungo Sokuqeqesha Izingcweti Nokuthuthukisa Amakhono njengesinyathelo esibalulekile ekuqiniseni ukuqeqeshwa kwezobuchwepheshe kanye nokwandisa amathuba okufinyelela emakhonweni adingeka kakhulu emnothweni wanamuhla.

Uthe amaKolishi e-TVET akufanele aphinde abhekwe njengezikhungo ezisezingeni lesibili, kodwa kufanele abonwe njengezinsika ezisemqoka ohlelweni lwaseNingizimu Afrika lokwakha kabusha umnotho nokuthuthukisa izwe.

“Ukuhlangana kwanamuhla kufanele kube uphawu lokushintsha indlela esibheka ngayo indima yamaKolishi e-TVET ngaphakathi kohlelo lweMfundo Nokuqeqeshwa Ngemuva Kwesikole. Kufanele kuqinisekise ukuthi lezi zikhungo azikho emaphethelweni noma ezingeni lesibili, kodwa empeleni zisemqoka ohlelweni lwethu lukazwelonke lokuthuthukisa izwe nekusasa lezimboni,” kusho yena.

IPhini likaNgqongqoshe liphawule ukuthi iNingizimu Afrika isishintshela emnothweni oqhutshwa ukukhiqiza okuthuthukile, ezokuthutha nezokuhanjiswa kwempahla, amandla avuselelekayo, uguquko lwedijithali kanye nokuthuthukiswa kwengqalasizinda.

Kulokhu, lithe amaKolishi e-TVET adlala indima ebalulekile ekukhiqizeni abasebenzi abanamakhono adingekayo ukusekela ukukhula komnotho nokuncintisana kwezimboni.

“AmaKolishi e-TVET awazona nje izikhungo zokuqeqesha. Angamathuluzi abalulekile okuvuselela umnotho,” kusho yena.

UDube-Ncube uthe imfundo nomsebenzi akusafanele kubhekwe njengezigaba ezimbili ezihlukene zentuthuko, ephikisa ngokuthi ukufunda kufanele kuhlotshaniswe ngokuqondile nokulungela ukusebenza, ukukhiqiza kanye nokusungula izinto ezintsha.

Uthe lesi sikhungo esisha kulindeleke ukuthi sinikeze ukuqeqeshwa kwezingcweti, amathuba okufunda asekelwe emsebenzini, ukwesekwa kosomabhizinisi kanye nezinhlelo zemfundo yezobuchwepheshe ezihambisana nezidingo zezimboni.

“Simele ushintsho oluqondile olusuka ekuqeqesheni ukuze kutholakale izitifiketi luye ekuqeqesheni ukuze kukhiqizwe, kutholakale imisebenzi futhi kusungulwe amabhizinisi,” kusho yena.

IPhini likaNgqongqoshe siphinde sagcizelela ukubaluleka kokuhlanganisa izinhlelo zokuqeqesha nezimo zangempela zomnotho emiphakathini yendawo.

Sithe indawo lesi sikhungo esikuyo isenza sikwazi ukweseka umsebenzi wezomnotho kanye nokuthuthukiswa kwamakhono eNchanga, eHammarsdale, eXimba, eNyuswa nakwezinye izindawo zasemakhaya nezisakhula emadolobheni.

“Kufanele siqonde ngenhloso ukuhambisanisa ukuhlinzekwa kwemfundo nendawo yomnotho, siqinisekise ukuthi izikhungo zokuqeqesha zifakwe ezindaweni zokukhula komnotho lapho isidingo samakhono sikhona, siphuthumayo futhi siqhubeka nokwanda,” kusho yena.

Uphinde wanxusa abalingani bezimboni ukuthi bandise amathuba okubekwa kwabafundi ezindaweni zokusebenza, izinhlelo zobufundi (apprenticeships) kanye nezinhlelo zokumunca abathweswe iziqu emisebenzini.

“Ukuqeqesha ngaphandle kokumuncwa emisebenzini akuqedi umjikelezo wentuthuko,” kusho yena. – SAnews.gov.za

Top of Form

Bottom of Form

SHEILA MHLONGO
Author: SHEILA MHLONGO

Joyina Umndeni Wethu

We don’t spam! Read our privacy policy for more info.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *