UMlingisi ufisa ukudlomdlobala kwezikaqed’isizungu

SHEILA MHLONGO

Ngifisa ukukhula ikakhulukazi kulokho engikholwa ukuthi kungamathalente uNkulunkulu angiphe wona okuwukufunda izindaba emsakazweni kanye nokulingisa. Anginazo izinhlelo engizibekele zona ngethembile nje iNkosi ngalokho engihlelele khona kulonyaka. Ngisafisa kakhulu ukukhula endimeni kaqeda isizungu ngize ngifike ezingeni likazwelonke.

Ngo-2024 ngifunde Ukuthi ngesikhashana nje esincane kuningi okungenzeka kumuntu kubangelwa izinqumo azithathayo nendlela aphila ngayo. Ngifunde nokuthi kunesikhathi sokujabula kwakho kanjalo nesikhathi sokujabula kwabanye abantu, zombili lezizikhathi uyazamukela ngendlela nokuthi ukuze ukhule entweni noma uphumelele uyasuka kwi comfort zone uthathe nama risk amahle angaba nemiphumela emihle noma ekukhulisayo. Ngikusho lokho njengomfundi wezindaba oke wahlabana kuma -KZN Namuhla Awards kanye njengomsebenzi wezempilo omncane oye waqinisekiswa ukuba akwenzela umphakathi kuyabonakala esigabeni sikazwelonke kuma African Health Excellence Awards Kanye nokumenyezelwa kwegama lami njengomunye wabantu abasha abayi-100 abazohlonishwa ngokuthi benza ushintsho futhi banomthelela omuhle emphakathini wabo, nakhona esigabeni sikazwelonke kuma South African Shining Stars awards.

Ngabona ngempela ngakho konke lokho ukuthi uNkulunkulu unomusa osanele sonke. Ofisa ukuxhumana nazi izinombolo: 072 183 7274 kuFacebook: Busisiwe Ndlovu.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *