SHEILA MHLONGO
NginguSanele Sibiya eGreytown endaweni yaseNgome, Engifisa ukukuyeka kulonyaka ka-2025 utshwala ngoba abuyisani phambili kepha bufana nento ewukuzimoshela imali kanye nesikhathi.
Ngifisa ukuthatha umculo wami ngiwubeke kwelinye izinga ngizibona nami ngiqashwa emicimbini eminingi yamaCiko eyahlukene ebakhona ikakhulukazi kubahleli bemicimbi ngicela bengangikhohlwa nami ukuze ngizovela emphakathini.
UMnqobi Yazo ongumculi engifisa ukucula naye ngelinye ilanga uThixo uma esasigcinile ngiyethemba amaphupho ayofezeka ngelinye ilanga. Isifundo engisitholile ukuthi awunalutho emhlabeni akusho ukuthi awulutho.
Abathandi bomculo bengalindela i-EP izophuma maduze yize usuku lungakaphumi kodwa bazoyithola futhi ngiyathembisa ukuthi bazoyithokozela kakhulu.
Ofisa ukuxhumana nami ngiyatholakala via Whatsapp kulenombolo: 0661069037

