UMinenhle Nzimande uthembisa abalandeli ukudedela i-Album eshisa izikhotha

SHEILA MHLONGO

Kulonyaka ngifisa ukwakha inetwork nabantu abazongisiza ngiphumelele futhi ngizimisele kakhulu ngomculo wami ukuthi uyephambili.  Kulonyaka ngihlela uku perform kuma clubs nakuma local events  ngenzele ukuphusha igama lami kanjalo  nebrand njenge-Artist elifuna ukuyakude.

Kulonyaka ngifisa ukusebenzisana noNasty C, Cassper, Black Coffee or uMthandeni SK kanti ngifundelukhulu ngonyaka odlule ukuthi kufanele ngizizwanise nabantu abafuna ukukhula baphumelele bajabulise abazali babo akugcinanga lapho ngifunde ukuthi themba izenzo ngaphezu kokwethemba amazwi aqhamuka kubantu.

Abalandeli abalindele Pt.2 of gimme LIFE  okuyi album ezothinta abantu bonke lena i-album ekhulumela izimungulu nezimpumputhe ukuthi ziqonde impilo ngendlela eqondekayo.  Umculo wami uyatholakala on SoundCloud  okwamanje kodwa maduze  uzobakhona kuSpotify noApple.

Ngitholakala  kuWhatsapp: 063 243 3480, instagram: @truepeesout kanye noFacebook: @Minenhle Blessing Nzimande.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *