UNdunankulu waKwaZulu-Natali usehlabe isenzo sokucwaswa kwabantu besifazane ezinkundleni zokuxhumana

IHhovisi likaNdunankulu waKwaZulu-Natali selikhiphe isitatimende esihlaba isenzo sokusabalaliswa komyalezo wokucwaswa kwabantu besifazane ezinkundleni zokuxhumana. Lokhu kuza emuva kokuthi
Abezinhlangano ezilwa nokuhlukunyezwa kwabesifazane zibhalele lona ihhovisi likaNdunankulu likhalaza ngesenzo sowesilisa odumile kodwa langaliveza igama lakhe.

Continue reading

ITheku selikulungele ukusingatha amaholidi okuphela konyaka aphephile

UMasipala weTheku uzokwenza konke okusemandleni ukuqinisekisa ukuthi izakhamuzi zihlala endaweni ephephile futhi ekhumbulekayo kanye nezivakashi ezibalelwa ku 792 410 ezilindeleke ukuba zithuthekele eDolobheni ngesikhathi samaholidi kaKhisimusi. Lokhu kuhlanganisa ukuqinisa ithimba labasebenzi kanye nokwanda kokubonakala kwamaphoyisa ezindaweni kanye nokwanda kokubonakala kwamaophoyisa ezindaweni zokuvakasha nasemaphethelweni olwandle.

Continue reading