Injabulo iShell Ultra City ixhasa iMatric Boot Camp Ka 2023 eMnganiwakhe High School

NKOSIE NTOMBELA

Isikole esakhele indawo yaseMnini uMnganiwakhe High School sithi simi ngomumo kwizinhlelo zaso zokulungiselela ikota yesithathu kulonyaka.
Engxoxweni ebikhona phakathi kweNtatheli yeKZN Namuhla uThishomkhulu wase Mnganiwakhe uMiss Mkhize uchaze kabanzi ngezinhlelo zabo zokuqinisekisa kulonyaka bayabacija abafundi babo abanethemba lokuthi bazothola imiphumela emihle kubona.
“njengoba sikhethe ukwenza iMatric Boot Camp inhloso yethu ukuba nabo nje sihlale phansi bengayi emakhaya sifundisane siphinde sibacije ngendlela ekmele bazisebenzise ekwenzeni kahle njengoba sekuseduze kubhalwe izivivinyo zokugcina onyakeni okunye sibheke ekutheni imiphumela yethu siyiphinde ngokubili ngoba onyakeni odlule loluhlelo sibonile lusisizile senzakahle siwuMnganiwakhe.Sibonga kakhulu nakubazali nakwinhlangano ye School Governing Body kakhulukazi makwi garaji lendawo I Shell Ultra City ngokusinika izinsiza kusebenza kule book camp esobanayoz” kuphetha uMiss Mkhize.

Continue reading

UMasipala waseMpofana uhambisana noNdlunkulu kaZulu ukhuthaze amantombazane ukuthi aziphathe kahle

UMnyango wezeMidlalo, ubuCiko namaSiko KwaZulu-Natal ngaphansi kobuholi bukaNgqongqoshe uDkt Ntuthuko Mahlaba ngokubambisana noMasipala waseMpofana kanye neNdlunkulu kaZulu kanye noBukhosi bamaChunu namuhla babambe umkhankaso i-Operation Siyaya eMhlangeni and Moral Regeneration Programme nezintombi eziphuma kuwo wonke uMasipala wesiFunda uMgungundlovu.

Continue reading

Umsebenzi WoFakazi BakaJehova Wokuhumusha Ube Ngaphezu Kobekulindelekile

Ngomhlaka- 15 July 2023 OFakazi BakaJehova bavula ngokusemthethweni amahhovisi amathathu okuhumusha asetshenziselwa ukuthuthukisa lomsebenzi eNingizimu Afrika. OFakazi BakaJehova babiza lezizindawo ngokuthi ama Remote Translation Offices (RTO). Lokhu kwenza ukuthi abahumushi bakwazi ukuhlala lapho uLwimi lwendawo lukhulunywa khona kakhulu. Lezizindawo zise Makhado, eThekwini nase Bronkhorstspruit. Zontathu izinhlelo zokunikezelwa kwalezizindawo ziqhubeke kahle kakhulu njengoba kube nabangu 1000 abafike mathupha kuyilapho abaningi bebexhume ngezobuchwepheshe ukuze babukele loluhlelo.

Continue reading

Kukhuthazwe ubumbano kuhlehla icala elibekwe Inkosi yakwa Mpumuza

Isizwe sakwa Mpumuza ngomhlaka 01 August 2023 ngoLwesibili besiphume ngothi lwaso siyokweseka iNkosi  uKhethokuhle Zondi esolwa ngokuvimbela abebeqala ukwakha imizi yabo ezizeni abazisikelwe wu Mnumzane Zwelinjani Magubane obeyinduna eyadilizwa  ekubhekeni isigodi sakwa Mpumuza.INkosi itshele abezindaba ukuthi ngo 2020 babeka umthetho wokuthi indawo kungabekwa muntu futhi unalo uhla lomhlangano okwavunyelwana  ngawo esigodlweni , yathi kuyayethusa  uma  isibekwa icala iNduna eyasuswa esikhundleni ngonyaka odlule.

Continue reading