UMBONO KA THANDEKA MKHWANE EMAYVILLE ENSIMBINI MAYELANA NAMALUNGELO
Owami umbono uthi, amalungelo ethu ayahlonishwa, siyanakekelwa njengezingane sifunde, sivote, sizizwe zinesithunzi sokuba umhlali onethezekile ezwenikazi.
Owami umbono uthi, amalungelo ethu ayahlonishwa, siyanakekelwa njengezingane sifunde, sivote, sizizwe zinesithunzi sokuba umhlali onethezekile ezwenikazi.
Ngokwami amalungelo ethu ayahlonishwa kwezemfundo ikakhulukazi, ngibona konke kusahamba kahle kodwa kwezemisebenzi ngibona singanakiwe futhi singahloniphekile ikakhulukazi ithina njengabantu besifazane.
Umbono wami uthi yebo ayahlonishwa amalungelo ethu emindenini kwezothando, ekuvikelekeni emphakathini kanjalo nasekunakekeleni ikakhulukazi abantu abadala.
Amalungelo ethu awahlonishwa lokho ngikushiso izinto engizibuka zenzeka emhlabeni mihla namalanga. Ikakhulukaz ikwezothando, uma abantu bethandana ayikho into enika oyedwa wabo imvume yokuthi uma ningasaboni ngaso linye ngempilo wehlise isithunzi sakhe, umhlukumeze lokho usuke ubulala ilungelo lomuntu.
Imboni yamatekisi isithathe isinqumo sokuthi ifake amakhamera ematekisini njengoba zanda izigameko zokunukubezeka kwabagibeli ikakhulukazi abesifazane, amatekisi ahambela edolobheni iTheku ophikweni laseSouth Beach abalelwa ku-70 amatekisi asefakiwe amakhamera ukuze kuqhutshwe uhlelo lokuphepha kwabagibeli nabashayeli.
SAMUKELISIWE MBONAMBI I-Passenger Rail Agency of SouthAfrica (PRASA) yonge imali elinganiselwa ku-R200 million ngohlelo lwayo lokuqinisekisa bonke abasebenzi abaholelwayo ohlelweni…
Ayimihle imiphumela endalwa i-Hyacinth emanzi eNanda Dam. Ihyacinth yehlisa izinga lamanzi njengoba idla amanzi amaningi kanti ibeke engcupheni impilo yezilwane zasemanzini. Amalungu omphakathi eNanda Dam bacele uMngeni water kanye noMnyangowamaHlathi, iFisheries and Environment (DFFE) ukuthi alungise lenkinga ababhekene nayo.
IKwaZulu-Natali isemkhankasweni wokulwa ne-GBV nokusabalala kwe-HIV, uNgqongqoshe wezokuthuthukiswa komphakathi, uNksz. Lindiwe Zulu uthe, amadoda angompetha boshitsho ekunqandeni ukubhebhetheka kwegciwane lengculazi nokubhekana nodlame lokubulawa kwabesifazane (GBVF) emphakathini.
Kulenyanga uthisha wesikole samabanga aphezulu obhekene namacala ayisithupha okudlwengula uzophinde avele eNkantolo yeMantshi yasePinetown ukuzolalela isinqumo ngodaba lwakhe kumshushisi wenkantolo yesiFunda.
Okungiphathakabi eyokucwaswa kwethu engathi uma ukhubazekile unokugula, abantu abasihloniphi futhi abasithathisi okwabantu abaphilayo,kakhulukazi thina esinokukhubazeka okungavelile obala ngisho ngoba ngazalwa ngingezwa endlebeni eyodwa uma umuntu ungamuzwanga uzozwa esekuthuka noma akubize ngawo wonke amagama, unempakamo, uyazitshela kanti awumuzwanga.