2026
UMphakathi waseningizimu yeTheku usunesiteshi somsakazo obizwa ngeSakha IsizweFM
Lomsakazo usungulwe uNkk. Thandeka Madlala Khathi ngenxa yokubona ukwentuleka kwabesimame nentsha yasemphakathini kwimikhakha yezamabhizinisi.Wabona kuyisu elihle ukuvula umsakazo lapho ezobiza khona abesimame nentsha abazokhangisa amabhizinisi abo aphinde afundise nalabo abanentshisekelo yokuqala amabhizinisi.
Usungule inkampani yokusiza amabhizinisi ngamasu okuhweba ngempumelelo
Owasungula inkampani iBOTHODIGITAL AGENCY (PTY) LTD ngo-2020 i-ejensi egxile ekwenziweni komkhiqizo nokuthuthukiswa kwemikhiqizo yamabhizinisi amancane ngamasu okuwasiza aphumelele uMnu. Nhlakanipho Tsele, usebenzela ekhaya kusukela baphazanyiswa ubhubhane i-Covid-19 kepha uyethembisa ukuthi bazobuyela ehhovisi ngonyaka ozayo.
Owenhlangano Thubelihle ECD and Foundation ubonga isitifiketi sokusebenza
UMnu. N Khumalo odume ngelikaMashobane waseMthwalume wenhlangano iThubelihle ECD and Foundation ubonga abakwa agriculture ngokumhlomulisa ngesitifikethi sokubamba iqhaza emphakathini uthi isandla sedlula ikhanda kuleMnyango.
Izindawo ezigcwele abantu bangaphandle zizoqashwa ngawokhozi ngamaholidi
UNgqongqoshe wamaPhoyisa, uMnu. Bheki Cele, uthi izindawo ezinabantu bangaphandle abangenazo izincwadi izona ezigcwele ubugebengu, ngisho nangaphandle kwamaholidi kaKhisimusi.
UMBONO KATHANDOLWETHU MHLONGO OTHONGATHI KA SHEWULA MAYELANA NOKUHLUKUNYEZWA KWABANTU BESIFAZANE
Ukuhlukunyezwa kwabantu besifazane akumele engabe kuyenzeka ngoba into engalungile futhi enomthelela omubi njengoba abanye sike sizwe ukuthi bagcina bedlwengulwa, abanye bashaywe balimale ngendlela embi kodwa akugcini njelapho kuphela abanye bagcina ngokulahlekelwa izimpilo zabo okuyinto ekhombisa udlame ezweni.
UMBONO KAPHAKAMANI MTHETHWA OPONGOLA KWA MNGAMAZINI AREA MAYELANA NOKUHLUKUNYEZWA KWABANTU BESIFAZANE
Ukuhlukunyezwa kwabesifazane kunomthelela omubi emndenini,emphakathini kanti kugcina kuphazamisa izingane ngokwempilo. Ziphazamiseka nasenqondweni zigcine zingasakwazi nokufunda kahle esikoleni
UMBONO KA LONDIWE LORNA BUTHELEZI MAYELANA NOKUHLUKUNYEZWA KWABANTU BESIFAZANE
Ngokombono wami into eyosiza kulenkinga yokuhlukemezeka kwabantu besifazane okuhambisana nodlame, ukuthi umuntu uma ebanjiwe ehlukumeza noma ngaluphi uhlobo avele aboshwe udilikajele, ngoba into eyenzekayo ukuthi umuntu aboshwe aphume abuye azoqhubeka lapho egcine khona.
UMBONO KA GAMO LUSWAZI MAYELANA NOKUHLUKUNYEZWA KWABANTU BESIFAZANE
Into engasiza kulenkinga yokuhlukunyezwa kwabantu besifazane ukuthi uma uHulumeni engaqinisa isigwebo, noma kube esokudilikelwa yijele kubahlukumezi.
Ziyanda izenzo zodlame olubhekiswe kwabesifazane nezingane
Kusukela ngoLwesihlanu lomhlaka 25 Novemba kuze kuyoshaya umhlaka 10 Disemba izwe laseNingizimu kanye nomhlaba wonke liqalise ukuqhuba umkhankaso waminyaka yonke wokulwisana nesihlava esibi sezenzo zodlame olubhekiswe kubantu besifazane nezingane. Futhi okubuhlungu ukuthi lomkhuba omubi kangaka ubukeka wanda kakhulu ikakhulukazi lapha ezweni lethu.

