SHEILA MHLONGO
Njengoba kuqala unyaka ngifisa ukubuya nokuhle kodwa ngomculo wami olithalente kimi ngoba ne cd nginayo iyatholakala nakuma online stores elina-15 track esihloko esithi:” Ngiyavuma”. Kulonyaka ngihlele ukukhipha ama-single track amabili azokwenza nginike abantu noma abalandeli bami lendlela ethandwa yibo ukuba ngibe yiyo. Noma izinto zingakahambi kahle ngisacela baqhubeke njalo nami ngizozimisela ngomculo.
Ngiyafisa ukuqhubeka nokusebenzisana nalo producer owangenzela I cd u Sizwe Gumede wase GMD Production. Ngoba bayawenza umsebenzi wabo ugculiseke ube ilento oyifunayo. Engikufunde kulonyaka ophelile ukuthi lomsebenzi womculo angigcinanga ngokucula kuphela ngizithole sengenzela amanye ama-artist ama CD cover, ama posters ,Music videos noku editor ama videos nokunye okuningi, ngoba bengivele ngishutha imicimbi, ukushutha engakufundiswa ngu mr jail wase Mayville eThekwini.
Balandeli neKzn yonke ngizocela ukuthi nilindele ukuthi ngizonenzela ivideo yengoma esihloko se cd lami engingafisa ukuthi wonke umuntu ongathanda ukufaka isandla asize ngalokhu anakho angithinte ezinambeni ezilandelayo. ngicela ngenhliziyo yami yonke. Izingoma ziyatholakala kuwo wonke ama digital stores , sportfy ,iTunes ,Amazon,youTube Etc. Inamba : WhatsApp/ Call : 062 497 6020 /075 285 5686 nakuFacebook : Mkhize Sphiwe.

