SIBUSISO MAMBA
Orlando Pirates Amabhakabhaka akagayelwa mphako kulezinsuku njengoba ishaya kwasani ku Betway Premieship kanti nasemqhudelwaneni wase Africa i-CAF Champions League iyawashaya amagoli. Ngomgqibelo ntambama eTotoya Stadium iPirates ibhaxabule izinsizwa zase Lesotho iLioli FC ngamagoli amathathu eqandeni emlenzeni wokuqala we CAF Champions League , uTshegofatso Mabasa ushaye amagoli amabili kanti lokugcina lishaywe u Oshwin Appollis .
Ezimnyama azidlali nezingane ziwanyuse ngampela amasokisi , udonga lwasemuva oluholwa uMbekezeli “TLB” Mbokazi luqinile , idlala lahle esizwini kanti nabagadli be Pirates bayashaya amagoli , emidlalweni emithathu bashaye amagoli ayishiyagalombili (9 goals ) , emidlaweni wabo ne Chippa United umdlalo bawina ngo 3 -0 , kowamanqamu eMTN8 ne Stellenbosch banqobe ngo 3-1 bese kuba yilomdlalo wabo Lioli ophele ngo 3-0 kunqoba ezakaMagebhula.
IPirates ayiyiqalanga kahle isizini entsha ye Betway Premiership kodwa manje kushintshile ukudla epletini abadlali nomqeqeshi babambisene kakhulu , umdlali uma enikwe ithuba ulisebenzisa ngendlela efanele , kuma Finals e MTN8 umqeqeshi u-Abdeslam Ouaddou wanika ithuba umgadliu uTsepang Moremi nge – extra time wangena washaya amagoli amabili no-Mabasa unikwe ithuba bedlala neqembu le -Lioli naye washaya magoli amabili.
Kanti umlenze wesibili walezinkunzi we CAF uzodlalelwa e-Orlando Stadium , umqeqeshi we Pirates u-Ouddou bebophele kanje : emapalini benkugijima u
Sipho Chaine , Thabiso Lebitso , Lebone Seema , Mbekezeli Mbokazi , Thalente Mbatha , Relebogile Mofokeng , Tsehgofatso Mabasa , ebhentshini bokune
Pirates XI: Chaine, Seema, Mbokazi, Lebitso, Hotto, Nduli, Mbule, Mbatha, Appollis, Mofokeng, Mabasa
Subs: Buthelezi, Sibisi, Shandu, Nadba, Nemtajela, Dlamini, Dansin, Moremi, Makgopa

