UThobani “Skhiye Seventure” Khathi ngizalelwe eKranskop,  ngokuhlala  ngise-Harding kungijabulise kakhulu ukuwina kowe-KZN NAMUHLA ARTIST AWARDS 2025, Indlela  engibona abantu bewuthanda ngakhona noma bewulandela umculo kaMaskandi, lokho kwenza ngifikelwe ukuthi ngijule ngithole indlela engingadlulisa ngayo i message kubantu. Engingakusho kumuntu osafika ukungena emculweni ukuthi kumele azibambe ziqine ,azi ukuthi ufuna ukufikaphi nekhono lakhe, angalindeli ukuthi khona ozomuphusha ukuze aziwe kodwa kumele uzilwele  wena.

Emva kweminyaka emibili ngiyafisa ukuzibona nami ngingomunye wabaculi abavelele. Abalandeli abalinde makuqalwa u-2026  ngizobenzela umsebenzi omusha, okwamanje abadle ukudla engisanda kubaphekela khona ,engibona kusahamba kahle naku YouTube. Ingonyama Yehlathi,   uyena mculi wokuqala obe ngasekhaya wenza ngalandela umaskandi kangangokuthi ngangiyigidangoma lakhe uNgonyama Yehlathi.

 Ngibonga kakhulu, uBaba uXolani Mhlongo,  Nkanyiso Dladla , Qiniso Thembane kanye nabasebenzi base Msizazwe Forestry  kukhulu abakwenza kimi ukuze ngibonakale ngihlomula izindondo. Ngiyacela abantu abangaba namandla bangilekelele ezintweni  lapha ngishoda khona, nabahleli bemicimbi bangiqashe. Ngiyatholakala: Call / WhatsApp : 076  943 0051  naku Facebook: Khathi  Skhiye.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *