ZAMA MAJOLA
UMasipala weTheku uziphawulele mayelana nezinsolo ezisabalele zokubambezeleka kanye nokuxhashazwa ekwabiweni kwezindlu kuDonnelly Road Housing Project. UMasipala uqinisekise umphakathi ukuthi lolu hlelo lusingathwe ngokungafihli lutho nangokungachemi, kulandelwa inqubomgomo ngokuqinile. I-Donnelly Road Housing Project, ehlanganisa amafulethi amasha angu-76 asanda kwakhiwa ngoJuni 2024. NgoJulayi 2024, abahloli boPhiko loMqondisi wezaManzi kuMasipala weTheku bathole ukuthi ukufakwa kwamamitha amanzi kwakungahambisani nezilinganiso ezigunyaziwe.
Lokhu kwakudinga imisebenzi yokulungisa engazange ihlinzekwe kwisabelomali sokuqala sephrojekthi. USihlalo weKomidi lezokuHlaliswa kwaBantu, ubuNjiniyela neKomidi lezokuThutha eThekwini, uKhansela Themba Mvubu, uthe lemisebenzi eyengeziwe idale ukubambezeleka. “Izinkinga zezobuchwepheshe sezixazululiwe. Ngaphezu kokubambezeleka kwezobuchwepheshe, uhlelo lokwaba luphinde lwahlangabezana nezinselelo zomphakathi. Uhlu lokuqala lwabahlomuli beluhlanganisa imizi engu-64, ethathwe kulabo ababehlala kulendawo ngaphambilini. Phakathi nezinqubo zokugcina zokuqinisekisa nokuxoxisana abanye abantu abazange baneliseke, bephikisana ngokuthi base bevele beqinisekisiwe ezigabeni zangaphambili. Ngeshwa ezinye izingxoxo zaphenduka inzondo, okwenza kwaba nzima ukuthi izikhulu ziphothule uhlelo ngaphandle kwezinkinga,” kusho uKhansela Mvubu. Wachaza nokuthi nakuba uMasipala ukuqondisisa ukukhungatheka komphakathi, ukuqinisekiswa kuyisivikelo esibalulekile ukuze kuqinisekiswe ubuqotho nokuhambisana nenqubomgomo yezindlu.
“Ngeke sikwazi ukuqedela ukwaba ngaphandle kokuqinisekisa ukuthi bonke abahlomulayo basahlangabezana nezidingo ezifanele. IDonnelly Road Housing Project uhlelo lwezindlu eziqashisayo.Imali yokuqasha ibekwe ku-R850 ngenyanga endaweni enekamelo elilodwa kanye no-R1 800 ngenyanga enamagumbi amabili okulala. Umasipala uphinde usebenzise inqubomgomo yokulinganisa ngokufanele, ehambisana nemali engenayo yekhaya kanye nobukhulu bomndeni nohlobo lwamayunithi afanele,” kwengeza uKhansela uMvubu. Umsebenzi kaMasipala awukona nje ukunikezela ngamayunithi kodwa ukuqinisekisa ukuthi abahlomuli bayakwazi ukuhlala lapho ngokuqhubekayo. Izabelo kumele zihambisane neMithetho Kazwelonke Yezikweleti, futhi kufanele ugweme ukubeka amakhaya endaweni lapho engeke akwazi ukuhlala khona. Njengoba sekukhona amayunithi angu-76, inqubo yokwabiwa izobeka phambili uhlu lwemizi engu-64. Imali esele izotholakala ebhukwini elikhulu lezidingo zezindlu zaseThekwini, ukuqinisekisa ukwenza izinto obala.
UMasipala uyazichitha izinsolo zokukhwabanisa. Sonke isabelo silandela uhlaka lwenqubomgomo eqinile, ukuvikela isithunzi sohlelo lwezindlu zeDolobha. UMasipala usebenze ngokuzikhandla ukuphothula uhlelo lokwaba ngesikhathi esifushane kakhulu. UMasipala uyakuqonda ukukhathazeka kwemizi ethintekayo kodwa iDolobha liyabanxusa ukuthi basebenzisane nezikhulu. Lokhu kuzokwenza ukuthi uMasipala ukwazi ukuphothula ngokushesha nokuqinisekisa ukuthi lolu hlelo olubalulekile lwezindlu luhlomulisa labo abafanelekile. I-Donnelly Road Housing Project imele isinyathelo esibalulekile sokubhekana nezidingo zezindlu eThekwini. Nakuba ukubambezeleka kube khona ngenxa yazo zombili izici zobuchwepheshe nezenhlalo, uMasipala uzibophezele ekuqinisekiseni ukuthi ukwabiwa kwezimali kwenziwa ngendlela enobulungiswa, esobala nesemthethweni.

