Amaciko adlulise ukujabula ngokuhlabana ngeziNdondo namaSethifikethi kowe-KZN Namuhla Artists Awards 2025

 UPhumzile “Mathetha kamnandi” Ndingaye ngibuya e-Eastern Cape Itsomo indawo  kuse Mbulu, INkosi Undima Azizandile njengoba  bengingenele umncintiswano kwi-KZN Namuhla Artists Awards 2025,   ngizizwa ngijabule kakhulu ngokuhlabana kwami ngendondo yeBest New Comer Award abalandeli bami bebezimisele ukungivotela.

Nginezinhloso zokuthi ngigqungquzeleke ngenze loluhlobo lomculo wesintu ukuhlonipha isintu engiphila phansi kwaso nothando endinalo ngemvelaphi yami  endiphila phansi kwayo nokuzama ukubuyisa ithemba nokugwema ubugebengu obusimele ndizama udlulisa umyalezo nosizi ngazo ingoma njengoba ndingumuntu osebenza ngomlomo. Umyalezo engizowudlulisa kuwo wonke umuntu ofisa ukucula noma ngubani. Uma kuthi  akacule  makusuke  enhliziyweni kuye angalindeli ukuthi kuzovele kuhambe kahle kungenzeka kubenzima ukuze kuhambe kahle.  Emva kweminyaka emibini ezayo ndifisa uzibona ndingomnye wabaculi ababizwayo kwimicimbi emikhulu.  Abalandeli njengoba  bazi  ukuthi andibathembisi amanga xa ndibathembisa into suke kuzoba njalo kumanje abalindele  Ep ezophuma kungekudala (Extended player).

Umculi  endibukela kuye ondikhuthazayo kubaculi esebephumelele  Ngu”Nongoma wama Wele kamamtshawe” ukuthi ungumculi kodwa akamile ekuculeni kuphela ubusy nangamatoho futhi  okakhohliwe la ezalwa khona uyabuyisela emphakathini ngizobonga umfethu ongasekho Ayakha  onguyena obegqugquzelela ukuthi ndingene Studio  endikhokhela nemali zesitudio.  Ndibe sendibonga umakhelwane ongu Bonga Xokiso  ngomnye odlale iqhaza elikhulu emculweni wami kuze kubemanje izandla zedlula  ikhanda.

Nakuba bekhona nabanye ebebendeseka ngeke ndize ndibabale bonke, uxhaso endilusifayo ukuthi ndingathola  umphathi ozokwazi  ukungimakethela  umsebenzi. Ngicela Nomaspala wangakithi Ntsika yethu municipality   isebenzisane nabaculi bendawo. Abafisa ukuxhumana nami, WhatsApp/ Call:073 8690 977 , Facebook: Mathetha kamnandi nakuTiktok: Mathetha Kamnandi.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *