Ubechichima injabulo uBucyk waseDududu ehlomula ngomklomelo wesitifiketi

NKOSIE NTOMBELA
Umculi wesifazane osemusha ocula umculo we Afro Pop ubengomunye ohlomule nge Award kuma KZN Namuhla Awards 2023.
Leliciko lase Dududu endaweni yase Mkhunya likhuluma neNtatheli yeKZN Namuhla emva kokunqoba lithe “angazi nokuthi ngithini indlela engijabule ngayo ngibonga kakhulu kumndeni nabalandeli ngaphandle kwenu engabe angitholi le awards”
Lomculi aphinde akuqinisekisa ukuthi umculo usazoqhubeka nokuwenza njengoba esebona ehlomula ngawo nanethemba kuningi asazokuzuza kulendima yomculo.Lama awards e KZN Namuhla Newspaper abebuya ihlandla lesibili njengoba ibigubha nemnyaka engu 25 yabakhona I KZN Namuhla Newspaper.

Continue reading

UNgqongqoshe uDuma wedlulise umyalezo wokuhalalisela iphephandaba kowe KZN Namuhla Artists Awards

INTATHELI YE-KZN NAMUHLA

UNgqongqoshe wezokuThuthukiswa koMnotho, ezokuVakasha kanye nezeMvelo uMnu Sboniso Duma uhalilisele iphephandaba iKZN Namuhla Community Newspaper liqeda iminyaka engu 25 lasungulwa.Umyalezo kaDuma wethulwe obemele umnyango wakhe uNksz.Pupuma oyi Deputy Director General.Umcimbi ububanjelwe eBat Centre eThekwini ngeSonto lomhlaka 24 Septhemba 2023.

Continue reading