I-SIU izophenya iBhodi laseMngeni Water ngezinsolo zenkohlakalo
Abe Special Investigating Unit (SIU) sebejutshwe ukuthi baphenye iBhodi laseMngeni Water Board (UWB). mayelana nezinsolo zenkohlakalo kanye nokungaphathi kahle izimali.
Abe Special Investigating Unit (SIU) sebejutshwe ukuthi baphenye iBhodi laseMngeni Water Board (UWB). mayelana nezinsolo zenkohlakalo kanye nokungaphathi kahle izimali.
UNdunankulu waKwaZulu-Natali uNkk Nomusa Dube-Ncube ubambe izingxoxo ezimayelana nokucacisa ngomsebenzi wokweseka ihhovisi leSilo Inkosi uMisuzulu kaZwelithini.UDube-Ncube ube nezingxoxo neSilo eSigodlweni KwaKhangelamankengane ngoLwesihlanu lomhlaka 09 Juni.
UNgqongqoshe wezokuThuthukiswa koMphakathi kuleli uNksz Lindiwe Zulu, usenxuse ukuthi bonke abantu kumele babambisane nohulumeni ekuvikelweni kwezingane.
Owabe enguNgqongqoshe wezokuThuthukiswa koMnotho, ezokuVakasha kanye nezeMvelo, KwaZulu-Natali, uMnu Mike Mabuyakhulu usengokhululekile emva kokuthi inkantolo eyaziwa nge Durban Commercial Crimes Court imthole emsulwa ngamacala abebekwe wona okukhwabanisa,inkohlakalo kanye nawokushintshanisa ngemali ngokungekho emthethweni.
Inhlangano iCulture, Arts, Tourism Hospitality and Sport Sector (CATHSSETA) yenze umcimbi wokubonga bonke abafundi ababayingxenye yethimba elalipheka ezweni lase Qatar ngesikhathi kuyindebe yomhlaba yebhola ngonyaka owedlule.
INational Institute for Communicable Diseases inxuse izifundazwe ezifana neKwaZulu-Natali lapho zingakatholakali khona iziguli ezinekholera ukuthi ziqaphe futhi zibikele uMnyango wezeMpilo uma kukhona okusolwayo.
UNgqongqoshe wamaPhoyisa, uJenene Bheki Cele, ekanye noKhomishana wesiFundazwe saKwaZulu-Natali, uLieutenant General Nhlanhla Mkhwanazi, babambe umhlangano kanye nabanikazi bamatekisi nabaholi bendabuko ngo Mgqibelo zingu 20 Meyi 2023 e-Ladysmith Indoor Sports Centre.
UMasipala weTheku usumemezele ukuthi idolobha uhlelo olusha oluchitshiyelwe lokucishwa kukagesi oluqale ukusebenza kusukela zingama-25 kuNhlaba wezi-2023. Lokhu kuza emuva kokuthi uMasipala weTheku ebe nezingxoxo mayelana nazo izinhlelo ezintsha zokucishwa kukagesi.
UNgqongqoshe uKhumbudzo Ntshavheni kanye nabaholi bamabhizinisi abaningi baxwayise ngokuthi iNingizimu Afrika ingase ibhekane nezinxushunxushu zomphakathi kanye nezibhelu.
AbakwaMultichoice baphinde baxhasa I 1KZNTV okuyisiteshi sikamabonakude somphakathi KwaZulu Natali. Esitatimendeni abakwa Multichoice bathi lokhu kuyingxenye yezinhlelo zabo ,zikamabonakude zomphakathi okubalwa kuzona sona lesisiteshi saKwaZulu Natali, Mpuma Kapa TV, Cape Town TV, Tshwane TV ne Gau-TV.