Ungqongqoshe wamaphoyisa uyalele ukuthi kuliwe namashibhi angekho emthethweni

UNGQONGQOSHE wamaphoyisa uMnu. Bheki Cele usenikeze abomthetho umlayelo ukuba bavale zonke izindawo zokucisha ukoma ezingekho emthethweni. Ekhuluma emcimbini wokwethulwa komkhankaso wokuphepha kwamaholide kaKhisimusi, uCele uveze ukuthi imiphakathi isakhungathekile ngenxa yezigameko eziningi ezibulale abantu kulonyaka ezenzeke ezindaweni zokuzithokozisa okanye emashibhini.

Continue reading