UMsebenzi wakwaNomaqhiza “AKA Shakes Nomaqhiza” Eastern Cape eBizana kuMbongwana location njengamanje sengihlala emzini wami oseBizana eSibomvini location. Ngizizwa ngijabule kakhulu ngokuwina kwami kwi-KZN Namuhla Artist awards 2025 bekungokokuqala ngqa ukuthi ngiwine ngithukile bengingalindele ukuthi ngingawina ngijabulile amaphaphu asephezulu namanje indlela engijabule ngayo.
Into engigqugquzela kakhulu ukuthi ngenze ubuciko ukuthi esikhathini samanje kumele kubenento obhizi nayo ngoba uma uhlezi ungenzi lutho kwesinye isikhathi ugcina usuwenza ubugebengu okunye okungigqugquzelayo ukuthi ngishumayele ivangeli kubantu ngokuhlabelela kushintshe izimpilo zabantu bazane nonkulunkulu. Osafisa ukucula ngicela azi ukuthi ukucula akuyona into elula bukhona ubunzima kodwa kudingeka ubekezele unganaki kakhulu ukuthi abantu bathini ngoba bayakhuluma abantu, kwesinye isikhathi baze bakuthuke kodwa kumele uqhubeke ucule ungapheli amandla emculweni zikhona izingqinamba zakhona kodwa ekugcineni uzoyithola into oyifunayo. Eminyakeni emibili ngiyafisa kakhulu ukuzibona ngicula kuwona wonke ama-Radio stations ngiyafisa ukuzibona ngivela ngicula ku-SABC1,2,and 3 ukuzibona kuwona wonke ama TV channels. Ngicela abalandeli bami balindele iculo elisha engizolikhipha mawuphela nje lonyaka futhi ngiyabathembisa ukuthi ngisazowina futhi nangonyaka ozayo kwi-KZN Namuhla Artist awards 2026. Umculi ongikhuthaza kakhulu u-Ayanda Ntanzi indlela azimisela ngayo namaculo akhe ayangibusisa futhi noma ngabe bekukhona okungiphoxile uma ngike ngalalela iculo lakhe ngiyaphila.
Njengoba senginegama elikhulu kangaka emculweni ngicela ukuqale ngibonge kubaphathi noma kubasunguli be-KZN Namuhla artist awards abaphathi bephephandaba engingabala ngokukhethekile uMama uSheila Mhlongo, ubhuti Sbu Mamba ngicela ukubonga yonke I-Family yakaMhlongo ngokusungula into enhle kanjena ngiyabonga bangasayiyeki. Ngicela ukubonga Mam Pat Nkonyeni into enama awards ngiyizwe ngaye bengingayazi. Ngicela ukubonga bonke abantu abakwazile ukuthi bangivotele ukuze ngiwine, ukubonga Nomaqhiza Family yonke kusuka uNkosikazi wami ,izingane zami,umama wami ongizalayo abafowethu nodadewethu nabashana ngiyabonga kakhulu support abanginikeze yona.
Ngicela ukuxhaswa ngayo yonke inhlobo yezinsiza zomculo engingabala kuzo system yokucula iKeyboard xps10 Roland, micro phones×6, izipikha ezinkulu ×4 ne-emplifier. Ofisa ukuxhumana nami Facebook: Msebenzi Nomaqhiza, Tiktok :Shakes Nomaqhiza naku WhatsApp : 078 9753 964.

